26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

eliphezulu, abafunda umbhalo ngokuwuqondisisa, futhi bakuthokozele ukufunda

okubhaliwe. Lokhu kuyahambisana nokwake kwatholwa nguDuffy (2002) obika ukuthi:

In the early 1900s through 1960, reading for comprehension was a desirable

outcome, but we had no real understanding of how reading comprehension

worked or how you taught it. We assumed comprehension was primarily a

matter of intelligence: if your students were smart and could decode, they

would comprehend. But you didn’t teach it (p. xiii).

Lo mbiko ongenhla ugcizelela khona okwatholwa nguDurkin (1978) mayelana

nokungafundiswa ngendlela ezokwenza abafundi bazuze amakhono okufunda

okubhaliwe ngokuqondisisa. Indlela abakwenza ngayo othisha ukufundisa ukufunda

okubhaliwe kuba sengathi inhloso yakho ukuhlola abafundi ukuba bahlakaniphile yini.

Ngale ndlela bajaha ukubabuza imibuzo ekugcineni kwesifundo, kube sengathi yiyona

nto ebalulekile ukuthi umfundi ukwazi ukuphendula emingaki imibuzo, kodwa bebe

bengabalekelelanga ngendlela yokubathuthukisa ekwakheni umqondo ngabakufundayo.

Ngenxa yokungabi nalo ulwazi olwanele ngokufundisa ukufunda okubhaliwe,

kubonakala ukufundisa ukufunda okubhaliwe kunenhloso yokuthi izingane zikwazi

ukubhala amagama ngesipelingi esiyiso. Lapho ukufunda okubhaliwe kuhambisana

nokubhala, kuba nemiphumela emihle. Kodwa akusho lokhu ukuthi inhloso yokufundisa

ukufunda okubhaliwe ukwenza ukuba abantwana babhale kahle. Okubalulekile ukuthi

bakwazi ukuthola amakhono okufunda umbhalo ngokuwuqonda, ngoba uma sebekwazi

ukufunda umbhalo ngokuwuqonda, bangakwazi futhi nokubhala. Lokhu kungenxa

yokuthi ucwaningo luveza ukuthi ukubhala nokufunda okubhaliwe kumele kuhambisane

(Commeyras, 2009). Nokho-ke akusho ukuthi ukufunda okubhaliwe kumele isikhundla

sakho sithathwe ukubhala emabangeni aphansi.

UPressley (2002, p. 355) ugcizelela ukuthi abantwana lapho befundiswe kahle ukufunda

okubhaliwe nokubhala, baba ngabafundi abahle bemibhalo, baphinde babe ngababhali

abahle futhi (p. 355). Lokhu-ke kunikeza isithombe sokuthi uthisha kufanele athi

ethuthukisa ikhono lokufunda okubhaliwe, angalishalazeli nelokubhala, akhule

kanyekanye la makhono.

287

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!