26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ngenxa yalesi sizathu, lokhu kusho ukuthi uthisha akaboshiwe ukusebenzisa indlela

noma isu elifanayo kuzo zonke izingane zakhe, kodwa ingane nengane yiyona okumele

isizwe ngokwezidingo zayo. Ngamanye amazwi uthisha kulindeleke ukuba asebenzise

amasu okufundisa ahlukahlukene. Isibonelo, u-AD-Heisat, noMohammed,

noKrishnasamy kanye no-Assa (2009) benza ucwaningo ngokusetshenziswa kwamasu

okufundisa ekuthuthukiseni ukukwazi ukufunda okubhaliwe kothisha basezikoleni

zamabanga aphansi eMalaysia. Bathola ukuthi nanxa othisha babewazi amasu

ababengawasebenzisa okufundisa ukufunda ezinganeni ezicathulayo ekufundeni

umbhalo, babengawasebenzisi ngendlela okwakungalindeleka ukuba bawasebenzise

ngayo (AD-Heisat et al, 2009, p. 310).

Amanye amasu asetshenziswa ngothisha yilawo abawasebenzisa ngaphambi kokufundisa

isifundo leso (pre-reading strategies), amanye yilawo abawasebenzisa ngenkathi

ukufunda okubhaliwe kuqhubeka (during reading strategies), kanti amanye

bawasebenzisa emva kwesifundo (after reading strategies). Lokhu kuchaza ukuthi amasu

okufundisa ahlukaniswe izigaba ezintathu, kuye ngokuthi uthisha usekusiphi isigaba

sokufundisa. Izibonelo zamasu angasetshenziswa ngaphambi kokuqala ukufunda (prereading

strategies) yilezi: ukuxukuza ulwazi lwabantwana abavele benalo ngento ethile

(activating prior knowledge), brainstorming, nokubikezela okuzokwenzeka (prediction).

Kanti amasu asetshenziswa ngesikhathi ukufunda okubhaliwe kuqhubeka (during

reading) yilana: ukufingqa ngamazwi umbhalo, ukwakha imibuzo ukuqhathanisa

nokuhlola ukuthi bayalandela yini, ukuthola indikimba, i-visualizing, ukuzilungisa (self

correction).

Kanti amasu asetshenziswa emva kokwethulwa kwesifundo kubandakanya lana

alandelayo: ukufunda ngokulekelelana noma ngokwabelana (shared reading), ukubuza,

ukuqinisekisa obekucatshangiwe ukuthi kuzokwenzeka, ukubhala ama-assignments,

namanye amaningi. Kodwa-ke nakuba emaningi kangaka amasu okufundisa ukufunda,

lapha akuzukuxoxwa ngawo onke, kodwa kuzokhethwa ambalwa ahambisana nokufunda

okusafufusa. Endimeni elandelayo ngizoxoxa ngamasu ambalwa asetshenziswa

79

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!