26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kwesikhathi ngenxa yokushintsha kwezikhathi, lezo zinto ezake zaba lusizo esikhathini

esiphambili, zitholakale sekunesidingo sokuba kubuyekezwe ukusebenza kwazo. Lokhu

kungalekelela othisha ekutheni babuyekeze izinkolelo abanazo mayelana nokufundisa

ukufunda okubhaliwe olimini lwesiZulu, ukuthi zisafaneleka yini ngokwezidingo

ezihambisana nesikhathi sanamuhla, lapho kutholakala izinto eziningi sezinoshintsho

lapho kuqhathaniswa nesikhathi esiphambili. Futhi lokhu kungasiza ekutheni babhekisise

abakufundisayo, izindlela abazisebenzisayo ekufundiseni ukufunda okubhaliwe, kanye

nendlela abakuqonda ngayo ukufundisa ukufunda okubhaliwe, kanjalo nenhloso

yokufundisa umbhalo kubantwana abasebancane.

Ngale kwalokhu, lokhu kungabenza nokuthi babuye bajeqeze nezinjulalwazi

abazisebenzisayo, uma zikhona, uma zingekho, bathole ulwazi ngalezo zinjulalwazi

zokufunda okubhaliwe (theories of reading). Ngaleyo ndlela, lokhu kungenza ukuba

othisha bangakuthathi kancane ukufundisa ukufunda okubhaliwe, bacabangisise lapho

besakuhlelela nalapho bekwenza ukuze amazinga ezingane okufunda okubhaliwe

athuthuke.

Ngaphandle kwalokhu, okunye okungalekelela kulesi simo ukuthi uMnyango

WezeMfundo uke ubhekisise indaba yenqubomgomo yolimi kwezemfundo emazingeni

aphansi. Ngikusho lokhu ngoba ekhona yakhiwa ngonyaka we-1997, kodwa kuze kube

manje ayikaze ibuyekezwe kodwa sekuphele iminyaka eyi-13 yakhiwa.

9.4.2.2 IZIPHAKAMISO EZIQONDENE NENQUBOMGOMO YOLIMI YEZWE

LASENINGIZIMU AFRIKA

Kubonakala kungenza umehluko lapho uhulumeni wezwe laseNingizimu Afrika

engasheshe ayisukumele indaba yokulinganiswa kwezilimi zaseNingizimu Afrika. Lokhu

kuhlanganisa ukubuyekezwa kwenqubomgomo yolimi, kanye nokuba kubhekisiswe

ukuthi khambi lini elingaba yisixazululo ekuqinisekiseni ukuthi inqubomgomo yolimi

iyalandelwa emazingeni ehlukene nasezikhungweni ezehlukene (Isibonelo:

emiphakathini, ezikoleni, nakwezinye izikhungo zikahulumeni nalezo okungesizo

ezikahulumeni). Lokhu kungahlanganisa nokubhekelela ukuthi abantu abahlukumezeki

309

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!