26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

umcwaningi aqonde kahle ukuthi othisha bathembela kuluphi ulwazi ekufundiseni

ukufunda umbhalo kula mabanga ayecwaningwa.

Ngamanye amazwi, ucwaningo lobunjalo botho lungathathwa njengesibuko noma

ifasitela esingakwazi ngalo ukubuka siphinde siphawule ngezinto eziphathelene nenhlalo

yabantu. Lezo zinto zingambandakanya imibuzo ephathelene nenjulalwazi ngokut hi

abantu abathile baphila kanjani, izikhungo ezithile zisebenza kanjani, nanezindlela noma

amaqembu abantu abathile ababuka ngayo noma abathatha ngayo izinto ezenzeka

ezimpilweni zabo (Cohen, Manion & Morrison, 2004). Ngale ndlela umcwaningi

wobunjalo botho ubheka ukwenza kwabacwaningwayo kanye neqhaza abalibambile

ngesikhathi socwaningo, akubuke lokhu akuhlanganise nolunye ulwazi aluqoqayo

mayelana nalolu cwaningo. Lokhu kungenxa yenkolelo yokuthi umcwaningi angebe nje

phakathi nendawo aziqhelelanise nolwazi nobufakazi abuthole ngenkathi eqoqa ulwazi

oludingwa ucwaningo (Mason, 2003).

UNieuwenhuis kuMaree (2008, p. 50) ugcizelela ukuthi ucwaningo lobunjalo botho

luzama ukuqoqa ulwazi olucebile, oluchaza kabanzi ngesimo noma ngento ethile noma

ngabantu abathile ngenhloso yokwakha isithombe salokho umcwaningi akucwaningayo.

Lokhu kwenza kube semqoka ukuthi umcwaningi wobunjalo botho akwazi ukuxoxisana

noma abuke abantu labo acwaninga ngabo benza abakwenzayo ngendlela abajwayele

ukwenza ngayo kuleyo ndawo abakuyo, aphinde ahlaziye ulwazi olutholakele

ocwaningweni, akhe izindikimba ngakutholayo (Nieuwenhuis, 2008; Terreblanche,

Durrheim & Painter, 2006). Yingakho nje oLeedy beno-Ormrod (2005, p. 134)

bephawula ukuthi ucwaningo lobunjalo botho lungakwazi ukuveza ukuthi isimo noma

isikhungo esithile siluhlobo luni. Ngale ndlela umcwaningi uyakwazi ukuthola ulwazi

olusha abengalwazi ngento, ngabantu, noma ngesimo esithile, akwazi nokuthola

izinkinga eziphathelene nabo/nakho.

Ngokunjalo oKaplan benoMaxwell (1994) bavumelana ngokuthi injongo yokuqonda

kahle ngezimvo noma indlela abantu abacwaningwayo ababuka ngayo izinto kanye

nalezo zindawo abakuzo kuye kuphelelwe ubumqoka lapho kwenziwa ucwaningo

lobungako botho (quantitative research). Kusemqoka ukwazi ukuthi ucwaningo

90

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!