26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ezincane. Isibonelo, izinhlamvu (letters) embhalweni zihlanganiswa ukwakha amagama,

amagama akhe imisho, imisho ihlanganiswe kube ngumbhalo ophelele. Ngaleyo ndlela,

umqondo kunoma umuphi umbhalo ufundwa (decoded) ngumfundi esebenzisa ulwazi

analo lokusetshenziswa kolimi, ulwazimagama kanye nokwakhiwa kwemisho.

2.3.4 UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWE-TOP-DOWN MODEL

Ngakolunye uhlangothi, nge-top dowm model, umfundi wombhalo wakha umqondo

esebenzisa ulwazi analo ngokusembhalweni kumbe ngombhalo awufundayo noma

ngezingxenye zombhalo awufundayo, ukuqagela ukuthi yini ezokwenzeka embhalweni

noma ezolandela. Ngokwale modeli, ukufunda umbhalo kuqala ngokuthi umfundi

acabange lapho efunda umbhalo (Gascoigne, 2005). Abafundi bombhalo bayaqagela

ngomqondo oqukethwe embhalweni besebenzisa ulwazi abavele benalo mayelana

nokusembhalweni (Gascoigne, 2005). Abafundi baye bafune okuqukethwe wumbhalo,

bakuqhathanise nolwazi abavele benalo ukuze bazame ukwakha umqondo ngokubhaliwe.

Ngalesi sikhathi umfundi wombhalo nguyena oba semqoka lapho efunda umbhalo.

UBernard (2003) uthi, ukufunda okubhaliwe kusho ulungelunge lapho ulwazi olusha

luhlangana nolwazi obeluvele lukhona; lugcinekile emqondweni. Abacwaningi

abanjengoGoodman (1976) bagcizelela khona ukuthi ukufunda ulungelunge olwenziwa

ukuqagela kofundayo mayelana nomqondo oqukethwe wumbhalo. Lapho ofundayo

eqhubeka nokufunda umbhalo (decode), ukwenza lokhu ukuqinisekisa kumbe ukwakha

kabusha, alungise lokho abekuqagelile mayelana nombhalo. UGoodman (1976) uthi

ukufunda umbhalo “is a psycholinguistic guessing game in which readers rely more on

the structure and meaning of language rather than on the graphic information from text”.

Yingakho nje kuthiwa ukufunda okubhaliwe kungumdlalo wokuqagela ophathelene

nengqondo.

I-top dowm model igcizelela ukuthi abafundi bombhalo yibona abakha umqondo besizwa

ulwazi abavele benalo ekuhumusheni umbhalo okuyinto esukela elwazini abavele benalo

ngolimi. Abafundi bombhalo bazama ukwakha kabusha umqondo wombhalo, kanti le

60

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!